• Lentelezi isiza ekulweni nomoya ababhi nabathakathi abulthumela ngemithi emibi ehamba nesilwane esenza ningazwani ekhaya niwumndeni nihlale nixbana nodwa Ibulala imithi emibi abayifaka egcekeni iphindisele isilwane kumnikazi waso Lentelezi yenza ukuthi umuntu okwenza okubi avele obala aphaluluke Iyasiza mawunezitha namemsebenzi ezihlangene ngawe nefuna nkuxoshisa emsebenzini iyazihlakaza izithazakho kuxoshwe zona zixabane zodwa izitha Iyasiza mane nkinga yemali enggahlali esandleni Iyasiza nasemabhizinisini ixosha imoya emibi eval imali. Volume: 300g
  • Lesisiwasho sigeza igazi uthandeke umangabe uyintokazi mawuyinsizwa sikwakhela ugazi ebantwini uthandwe nayizintokazi. Volume: 300g
  • Lesiwasho sisiza ukhulakaza izitha ezihlangene ngawe nezifuna kukuxoshisa emsebenzini, nezitha ezikusongelayo nezikwakhela uzungu lokukubulala, nezikuloyayo, senza izitha zakho zijikelane zodwa konke kwenzeke kuzona. Volume: 300g
  • Lesi siwasho sisiza uma ufuna umsebenzi noma ufuna ukuhushulelwa esikhundleni, senza ubenogazi uthandwe abaqashi, uma uwumphathi wabantu emsebenzini senza bakulalele bavumelane nawe kokushoyo. Volume: 300g
  • Isiwasho sokuqeda isichitho uma unesichitho sokwaliwa nesichitho sokungaqonywa. Siqeda isichitho seziduna ebusweni, isichitho sephunga elibi emzimbeni, sigeza igazi uthandeke. Volume: 300g
  • Ukhamba olugeza idlozi umalincolile noma abantu abangasekho abahamba bengageziwe ababefe ngezigozi bangagezwa siphinde sigeze nemimoya yabantu abafa besemagobongweni nabahambabegcobe ibomvu nemicako. Volume: 250g
  • Ukhamba lokubuyisa inhlanhla mawa valwa inhlanhla noma wathwetsulelwa izipho zakho owazalwa nazo ngenhloso yokuthi bafisa ukusebenza ngesiphiwo sakho. ufaka lonke lolukhamba ebhakedeni eluwu 5 litre. Bese abulalal inkikhu emhlophe ufake igazi nenyongo kulolu khamba. Bese faka ishumi lihlale kulolukhamba oluku 5 litre. Ukhanyisa ibani eziwu 4 bese uqunga lolukhamba ukhulume uthi Nina bakomalume nabakithi ngicela ningibuyisele inhlanhla eyavalwa imfamona ezifuna ngingaphumeleli ngicela ningilandele inhlanhla eyathwetsulwa kimi akubuye inhlanhla yemali, inhlanhla yomsebenzi inhlanhla yemfuyo nakhokonke engazalwa ngifukumbethe ningikhanyisele endleleni zami zokuphila emagumbini amane omhlaba ngicela ukhanya ngicela inhlanhla ngiphumelele. Izibani ezisetsenziswayo blue, yellow, green, white. Volume: 250g
  • Amafutha axosha isilwane noma utikoloshe olala nawe ebusuku uziphuphe wenza ucansi, xosha isilwane esivala inhlanhla yemali. Volume: 100ml
  • Ikhubalo lokuvala isilwane, leli khubalo elokuvala isilwane, mabelethiswe isilwane esihamba nawe. Isilwane esingena phakathi kwenu manyiya enkonzweni yasekamelweni sinibulale imizwa yokuwenza ucansi nibenenxababo nomlingani wakho noma uyofuna umsebenzi sihamba phambili sifike sivalo inhlanhla yokuthi uthole umsebenzi. Isilwane esithatha imali masebenza ungayiboni kuthi iphelelaphi. Volume: 250g
  • Ibutho lempi elinamandla: elilwa neziphoswa ngazo liyacupha: mazocupha thata inkukhu ebomvu uyifunze lelibutho mese uyigwaza ngezinaliti ngaphansi kwa maphiko mese uyisonta intamo uyibulale, sika kancane izinwele zakho uzifake emlonyeni wenkukhu bese ukhipha inyongo yenkukhu uyifake ebhakedeni elinamanzi elungu 5 litre bese uthela 2 spoon wentelzi Yenqaba Yembube no 2 spoon walelibutho ufake ebakedeni elinyongo bese uya esidulini ufike usivule isiduli ufake inkukhu namakhandlela amabili elimbomvu nelimnayama uwagcobe ngegazi lakho olikhiphe ovalwe bese uyawalayitha amakhandlela womabili usigxamalazele ukhulume uthi bonke ababiza igamalami kabi abangigadlayo nabangitwebulayo akubuyele kubona afunangife akufenyena ongifunayo uzongithola la mase uthatha ibhakede elinenyongo nentelezi nebutho ugezele phekwesiduli uzithele kusuka ekhanda kwehlengomzimba kuyongena esidulini. Bese uyagqoka uhambe ungabheki emuva mafika thatha ikubalo lokuqina leNqaba Yembube ugcabe uqine kuze ungagadleki. Volume: 300g
  • Isiwasho esibulala imithi emibi esegazini okanye owagcatswangayo umuntu owayethi uakwelapha kanti uyakuphambanisela ukuncolisela idlozi kuze likuphendukele likwakhele amashwa izinto zakho zingalungi. Volume: 300g

Title

Go to Top